Archive
Tuis /
Home
Briewe /
Letters
Kennisgewings /
Notices
Skakels /
Links
Nuus /
News
Fiksie /
Fiction
Poësie /
Poetry
Taaldebat /
Language debate
Opiniestukke /
Essays
Boeke /
Books
Film /
Film
Teater /
Theatre
Musiek /
Music
Slypskole /
Workshops
Opvoedkunde /
Education
Artikels /
Features
Visueel /
Visual
Expatliteratuur /
Expat literature
Gayliteratuur /
Gay literature
Xhosa
Zulu
Nederlands /
Dutch
Rubrieke /
Columns
Geestelike literatuur /
Religious literature
Hygliteratuur /
Erotic literature
Sport
Wie is ons? /
More on LitNet
LitNet is ’n onafhanklike joernaal op die Internet, en word as gesamentlike onderneming deur Ligitprops 3042 BK en Media24 bedryf.

Sponsors
Media Partners
Arts & Culture Trust
ABSA
Tafelberg
Human & Rousseau
Kwela
metroBig Issue
SA fmFine Music Radio
Rapport
Volksblad
Beeld
Die Burger
isiZulu
isiXhosa
Sesotho
Xitsonga
Sepedi
Afrikaans
English
Back to main page
My memory
Nokuthula Mazibuko Nokuthula Mazibuko is a 30-year-old writer based in Jo'burg. She started working in television and radio in 1997 as a scriptwriter and researcher. She has written for the award-winning health show Soul City and the global children's show Sesame Street. Nokuthula wrote and directed her first documentary for e-tv called Lady Was a Mshoza in 1999, about women in the Sepantsula sub-culture. In 2000 she wrote and co-produced a second documentary, The Gift of Song (screened at the international film festival ZIFF). She has worked as news producer for the BBC and the youth radio station YFM. She is currently working as scriptwriter/editor for various radio and TV shows (she has written two scripts for Molo Fish II) and her novella for youth, In the Fast Lane, about girls coping with HIV/AIDS, was published in March 2003 by New Africa Books. She is a PhD student in the African Literature Department at Wits University and the winner of the 2003 Bessie Head writing fellowship.
"Ngangilokhu ngithanda ukubona iqhaza elibanjwa yimicabango ekwakheni iqiniso - amandla okucabanga nawezwi ekubumbeni imihlaba."
"Thinking about this technology gap or divide, it seems implausible to me that the entire African continent is not able to produce scientists who can create affordable and appropriate technologies that can better the lives of Africans and others fighting poverty and disease. Why do Africans seem to be innovation shy? Where are the books, TV programmes and movies on brilliant African scientists, men and women who have contributed to humanity's progress?"

Ukukhumbula Isayensi Yamandulo

Nokuthula Mazibuko

Also available as: Remembering ancient sciences
Inselelo yangempela ukuxhumanisa isayensi nezobuchwepheshe nempilo ephilwayo, ukuze umphakathi ukwazi ukukhuthaza ukucabanga okusha kubantu bawo ngokusebenzisa amazwi azozwakala ngale kokunikeza ubufakazi, okuyinto ezodala imicabango emisha nemihlaba emisha.

Njabulo Ndebele (1998)

Ngangilokhu ngithanda ukubona iqhaza elibanjwa yimicabango ekwakheni iqiniso - amandla okucabanga nawezwi ekubumbeni imihlaba. Indaba yezesayensi umuntu aziqambele yona iyisibonelo salokhu. Amashumi eminyaka adlule abalobi bezindaba zesayensi abaziqambele zona badala imihlaba lapho abantu bebekwazi ukuxhumana bukhoma, abadlali bebekwazi ukuxhumana emihlabeni ehlukahlukene ngevidiyo-cingo video phone) nezinye izindlela zokusakaza jengobuchwepheshe bewayalense. Lezo zikhathi sezifikile. Isibonelo, abalobi abasadingi ukuthi bajulukiswe yimishini yokubhala, noma bathembele eposini elizothata izinsuku noma amasonto ukuhambisa imibhalo, okumele ukuba ihlolwe, ibuyiselwe ukuze ilungiswe njalo njalo... Sibonga lesi sikhathi sobuchwepheshe bedijithali, imibhalo ethunyelwa kalula. Lokhu kunikeza ababhali isikhathi sokusebenzisa isikhathi sabo bebhala. Impela lobu buchwepheshe businikeza amathuluzi okuguqula isimo sethu esisizungezile.

Engikuphawulayo ngamathuluzi obuchwepheshe esiwasebenzisa namuhla - ukusuka ezimotweni ukuya kumakhompyutha - ukuthi okumbalwa kabi kwalokhu okwenziwe e-Afrika, ngakho-ke kubiza kangangokuthi akufinyeleleki kuma-Afrika amaningi. Uma ngicabanga ngaleli gebe lobuchwepheshe, ngibona kuyinto engabazekayo ukuthi abekho ososayensi e-Afrika abangakha ubuchwepheshe obufanele, obungenza ngcono impilo yama-Afrika neyabanye ukulwisa ubuphofu nezifo. Kungani ama-Afrika ebukeka ekwesaba ukudala izinto kabusha? Ziphi izincwadi, izinhlelo zomabonakude, ezimayelana nososayensi abagqamile base-Afrika, aphi amaqhawe namaqhawekazi aphonse itshe esivivaneni ekuphuculeni isintu.

Emculweni kukhona okubhalwe phansi kwagcinwa. Ama-Afrika akwazile ukusebenzisa umculo omuhle ukwelapha umhlaba. ENingizimu Afrika oMakeba, oGwangwa, oRathebe, oMasekela, oMolelekwa, oBosman, oKhumalo abaningi, kanye no-Muffin bangubufakazi bokuthi emculweni sikwazile ukuqamba nokuphumelela. Siyakhumbula ukuthi - umculo, umdlalo weshashalazi nezokudansa kwaba nesandla ekuwiseni umbuso wobandlululo. Nokuthi iningi lemisebenzi yethu yezobuciko iyaqhubeka ukuzabalaza ukuzwakalisa ilaka layo, ukurekhoda nokukhuthaza. Abadlali nabalobi bangomuso balandela izibonele ezinhle. OSimphiwe Dana, uLetlake-Nkosi namaloudrastress bayazi ukuthi kumele baqhube umsebenzi walabo asebehambe ngaphambili.

Uma sibuyela kwezesayensi. Kuba nzima ukuthi ngikhumbule izibonelo ezigqamile zalapha ekhaya. Ingqondo yami iphinde ibuyele kwezobuciko, ikakhulukazi ubuciko obulotshiwe. UNadine Gordimer, u-J.M. Coetzee noWole Soyinka baphumelela ekutholeni izindondo ezihamba phambili. Nomlobi ogqamile ubaba u-Es'kia Mphahlele naye wakhethwa. Baningi abalandele emisebenzini ka-Achebe. UHead, uMda, uMattera, uTladi, uMhlophe, uMagona, u-Ousmane, uBa, uBiko, u-El Saadawi, uSepamla, uSerote, uWa Thiongo, uNdebele, uWicomb, uDangarembga, uMarechera, uDuiker, u-Andersson, uMpe, uMagogodi, uMashile, uMolope kanye namanye amaningi amavulandlela asibonisile ukuthi ukuba owesifazane onsundu akusona isifo esenza ukuthi umuntu angakwazi ukubhala nokucabanga. Imibono nefilosofi yabo elotshwe kahle ngalokho okungamaqiniso nangalokho abaziqambele khona bekususela ekhanda, kusitshela ngemizabalazo yethu yokuzikhulula emaketangini amaninginingi. Abanye babhala futhi basaqhubeka ukubhala ngaphansi kwezimo ezilukhuni, ngaphansi kwezimo zemibuso ezimisele ukuqeda inkululeko. Bayasigqugquzela ukuthi singadeli ekukwazini ukuthola ukuthula nothando. Basikhuthaza ukuthi sibhale phansi amagama ukuze sikhumbule ngabantu, ngemihlaba namagugu lapho singebona abantu abakhonza ngamadola. Njengoba igebe phakathi kwalabo abadla imbuya ngothi nalabo abadla izambane likapondwe selisikaza ukusigwinya sonke nje, babhala ukuthi ukweba kwabahluphekile ukondla abacebile kuyinto embi.

Ekulweni naleli gebe lobuphofu elandayo, okaNdebele unikeza inselelo yokuthi abalobi kumele bazimbandakanye nomhlaba wezesayensi nobuchwepheshe, futhi bacabange nangezindlela lawa mathulusi angaguqula ngayo umhlaba. Sidinga eziningi izithombe zasesinema, izincwadi amaphephabhuku, imisebenzi yasethiyetha, yomsakazo kanye nezinhlelo ze-inthanethi ezisikhumbuza ngedumela nokubaluleka kwaesayensi yasemandulo eMapungubwe, eThulamela naseGibhithe. Lokhu okuyizinto ezizosikhumbuza ukuthi sasilokhu sinalo ulwazi oluphucukile lokugoba insimbi ibe yinto enobuhle obubabazekayo. Sekungamakhulu eminyaka sihweba ngezinto ezenziwe ngezinto ezimbiwa phansi ezibizayo. Lolu lwazi lwaluthukuswe imibuso yamakholoniyali neyobandlululo eyayingafuni ukuthi sihlale sikhumbula ukuthi sasilokhu sinolwazi, futhi sisengacobelelana ulwazi lwethu lwezesayensi nelwezobuciko nomhlaba. (IYunivesithi yase Pitoli yalufihla udaba lokuvundululwa kweMapungubwe, ngoba le ndawo lwaluphikisana nomlando wobandlululo owawufakaza intshumayelo yokuthi kwakungekho muntu owayehlala eNingizimu Afrika ngaphambi konyaka wamakhulu ayishumi nesikhombisa.)

Ngenhlanhla, isimangaliso, ngisho amaphiramidi aseGibhithe, asinda ezimpini nakodalimede futhi okunamhlanje awubufakazi bemethamethiki nobobunjiniyela basemandulo.

Ekuvunduleni izindaba ngobuchwepheshe nobusayensi be-Afrika yasendulo singaqonda kangcono ukuthi kweza kanjani ukuthi sigcine sesikweleta, futhi sisaqhubeka nokukweleta izigidigidi kumazwe aseNyakatho. Ukuqondisisa kwethu kumele kusisize kumizamo yethu yokwedlula kulesi simo sanamuhla sokungalingani.

Impumelelo ye-Afrika kwezesayensi ayigcini emandulo. Ngisanda kuzwa ukuthi iKreepy Krauly, lobuya bucwazicwazi obasungulwa, obugcina iziziba zomhlaba jikelele zibenyezela, basungulwa ngo-1974 eNingizimu Afrika unjiniyela osebenzisa amandla amanzi (hydraulics engineer), uFerdinand Chauvier. Kanti futhi sino-Afronaut Mark Shuttleworth ogabavula ashone ezinkanyezini enza imizamo yokuvala igebe lolwazi elikhona kwezedijithali, ukusetshenziswa kwemithombo evulekile yohlelo olufakwa kukhompyutha (software) eyenziwe ekhaya, olungezukumba eqolo ukuba luthengwe ngamadola nangopondo. Ngineqiniso lokuthi basebaningi kabi ososayensi nezazi zemethemethiki, abesilisa nabesifazane, abanezindaba ezingakhuthaza, uma zingagcinwa ezindaweni ezinedumela ngokugcina okufunwa ukukhunjulwa njengezindlela ezahlukahlukene zobuciko. Izindaba zososayensi abafana noSolwazi uMalegapuru Makgoba, usokhemisi wemisebenzi yokwenza impahla (indusrial chemist) osewadlula emhlabeni, uManakana Hosea Mabogoana, isazi samafiziki senukliya (nuclear physicists) USolwazi u-Alfred Msezana noSolwazi uReginald Boleu, isazi semethemetiki u-Dkt. Mammokgethi Sikati nabanye abaningi, kusamele idluliselwe izizukulwana. Le nqolobane yolwazi izofunza ingqondo yamaciko nososayensi bakusasa abazoqhuba ukwakha, ukusungula nokuguqula imihlaba.

Amazwi okubonga
Leli phepha lizuze lahlomula ngenxa yokuxoxisana okwabakhona no-N. Mabaso no-F.D. Mazibuko.

Izincwadi ezisetshenzisiwe
Ndebele, N. 1998 "Memory, metaphor and the triumph of narrative" - Negotiating the past: the making of memory in South Africa
Eds. Nutall and Coetzee. Cape Town: Oxford University Press
http://killeenroos.com/link/africa.htm
http://saxakali.com/COLOR_ASP/historymaf.htm

<< Back to all authors <<


LitNet: 4 October 2004

Have your say! Send your feedback to nelleke@yebo.co.za.

boontoe / to the top


© Kopiereg in die ontwerp en inhoud van hierdie webruimte behoort aan LitNet, uitgesluit die kopiereg in bydraes wat berus by die outeurs wat sodanige bydraes verskaf. LitNet streef na die plasing van oorspronklike materiaal en na die oop en onbeperkte uitruil van idees en menings. Die menings van bydraers tot hierdie werftuiste is dus hul eie en weerspieël nie noodwendig die mening van die redaksie en bestuur van LitNet nie. LitNet kan ongelukkig ook nie waarborg dat hierdie diens ononderbroke of foutloos sal wees nie en gebruikers wat steun op inligting wat hier verskaf word, doen dit op hul eie risiko. Media24, M-Web, Ligitprops 3042 BK en die bestuur en redaksie van LitNet aanvaar derhalwe geen aanspreeklikheid vir enige regstreekse of onregstreekse verlies of skade wat uit sodanige bydraes of die verskaffing van hierdie diens spruit nie. LitNet is ’n onafhanklike joernaal op die Internet, en word as gesamentlike onderneming deur Ligitprops 3042 BK en Media24 bedryf.