Archive
Tuis /
Home
Briewe /
Letters
Kennisgewings /
Notices
Skakels /
Links
Nuus /
News
Fiksie /
Fiction
Poësie /
Poetry
Taaldebat /
Language debate
Opiniestukke /
Essays
Boeke /
Books
Film /
Film
Teater /
Theatre
Musiek /
Music
Slypskole /
Workshops
Opvoedkunde /
Education
Artikels /
Features
Visueel /
Visual
Expatliteratuur /
Expat literature
Gayliteratuur /
Gay literature
Xhosa
Zulu
Nederlands /
Dutch
Rubrieke /
Columns
Geestelike literatuur /
Religious literature
Hygliteratuur /
Erotic literature
Sport
Wie is ons? /
More on LitNet
LitNet is ’n onafhanklike joernaal op die Internet, en word as gesamentlike onderneming deur Ligitprops 3042 BK en Media24 bedryf.

Ihlazo leli amanyala wodwa

S’khumbuzo Mthembu ka Mvelase

Saphinda safika leso sikhathi lapho ubhojabhoja uskhumba senja endala abayibamba ebhoshi lakubo isikhwezeni ethi sanibonani nonke.

Wo! He! Lafa elihle kakhulu se zadlula lezozinsuku lapho imilindelo yabe iyinto ehloniphekile futhi enesizotha. Madoda izikhathi ziyashintsha ngempela, lokhu bengilokhu ngikubona kwenzeka kweminye imizi uma ngihambele umlindelo. Kodwa ngihlanze ngedela kade kudlule owami umalume emhlabeni, ilapho ngibone khona ukuthi kanti impilo injani abantu sebelahlekelwe unembeza kakhulukazi intsha.

Ngajabula kabi mangi bona itende ligcwala liphuphuma abantu ngasho ngenhliziyo ngathi cha! lensizwa kusho ukuthi beyithandwa kanti futhi okunye obekungijabulisa ukubona intsha igcwele iphuphuma komunye wemikhuba emidala hayi lapha eningizimu Afrika kodwa kwi Afrikha yonkana, lokhu ngikusho phela ngoba eminye imicimbi enjengo memulo nokumiswa kweduku sekuyimicimbi eyindlala kabi kulezizinsuku ngoba abantu phela sebaphucuzeka.

Inkozo yabe ivutha impela kuculwa uzwa ukuthi hayi intsha igcwele indlu kuthe nje impela sekuthi akube phakathi nobusuku ngabona lokhu okungabafanyana kulokhu kuphuma ngathi mina cha mhlawumbe basaya kozikhulula kwazise nobusuku bude. yaqhubeka yavuma inkonzo pho ibiholwa ubani. ubhebhenene lwentshebe umfoka Njilo usho ngesihosha sezwi.

Dukuduku sengibona okungama ntombazanyana kucela ukudlula, pho ukhona yini onakile ngoba umculo nentshumayelo bekudla umunyu. Hayi kimina kwala ungabe sebeyolala? noma kukhona okushaya amanzi, phela kubuye kusize ukuba Umamgo hayi ngaphuma nami nginezinhloso eziningana ngeyokuzikhulula kanye neyokuqalaza nje ngibuke izwe lomdali kanye neyokubona ukuthi ngempela laba abaphumayo baphelelaphi.

Hawu yini lena engiyibonayo kanti umlindelo usuphenduke indawo yezithandani.Yilapho abantu bebambana khona engathi isepaki baqabulane nje bazikahle ukuthi isdumbu silele lapha edlini ihlazo leli, We! mfoka Mvelase awuka boni lutho, mangithi ngithi sithe ngizama ukuzikhulula Hawu! ubaba yini nansi lentombazane ebihuba kakhulu etendeni akasanamathele umfana kuyo sekungonga phansi nongaphezulu ifake nejoyini yebandla. Hayi ngeke ngiyimele lento mina nganikela komama abebebhizi emlilweni belungisa, ngabuza ngakhononda bavele bangibuka nje. Oyedwa wathi hayi ungathuki sekuyifashini futhi uma ukhuza hleze uthole amathonsi abanzi siza nje uye endlini ngoba futhi ufelwe nebala ngaziyela etendeni ngaziqhubekela nenkonzo.

Kuthe impela usubona ukuthi hayi impela yona inkonzo iyavuma sebeshilo nomama ukuthi itiyana lisendlelni ngezwa sekukhona abanye manje asebeculela phezulu futhi uzwa ukuthi cha ababodwa baculanangamazwi otshwala ngabona ukuthi laba ocupha izikhala sebelambile bayazi ukuthi yizikhathi zokwehlisa lezi emlindelweni, kuthe noma sebenikwa itiye namakhekhana bangundaza bethi bona bafuna ukudla nenyama nokho bakhuziwe kulesosenzo sabo badla lokho abakunikiwe.

Emuva kwalokho baphume ngamunye ngamunye kwacaca ukuthi sebekutholile abebekuzele. Okubuhlungu akuphelelanga emlindelweni ngosukulomngcwabo abayanga ngisho emathuneni kodwa yibo abese begoloza namapuleti okudla abantu abanye bengakabuyi emathuneni, iyihlazo lento eyenzekayo kumele inqandwe kusekuhle nje ukuze nesizukulwane esisha sikhule ngenhlonipho.

Sengiphetha ziningi izinguquko ezenzekile ezweni nasezimpilweni zethu kodwa ngicabanga ukuthi inhlonipho ukuphela kwento ekunga fanele iphele kuthina sizwe esimnyama abangasekho abahlonishwe. Asiyeke ukwenza izinto ezilihlazo ezisihlekanisa nezinye izizwe.

Kuzekube ngokulandelayo.

Ngiyabonga

S’khumbuzo Mthembu ka Mvelase

S’khumbuzo het onlangs sy oom verloor. Hierdie kritiese blik op die tradisionele nagwaak spruit hieruit voort. / S’khumbuzo has recently lost his uncle. That sparked this critical look on the traditional night vigil.

to the top


© Kopiereg in die ontwerp en inhoud van hierdie webruimte behoort aan LitNet, uitgesluit die kopiereg in bydraes wat berus by die outeurs wat sodanige bydraes verskaf. LitNet streef na die plasing van oorspronklike materiaal en na die oop en onbeperkte uitruil van idees en menings. Die menings van bydraers tot hierdie werftuiste is dus hul eie en weerspieël nie noodwendig die mening van die redaksie en bestuur van LitNet nie. LitNet kan ongelukkig ook nie waarborg dat hierdie diens ononderbroke of foutloos sal wees nie en gebruikers wat steun op inligting wat hier verskaf word, doen dit op hul eie risiko. Media24, M-Web, Ligitprops 3042 BK en die bestuur en redaksie van LitNet aanvaar derhalwe geen aanspreeklikheid vir enige regstreekse of onregstreekse verlies of skade wat uit sodanige bydraes of die verskaffing van hierdie diens spruit nie. LitNet is ’n onafhanklike joernaal op die Internet, en word as gesamentlike onderneming deur Ligitprops 3042 BK en Media24 bedryf.